|
Obephethe Abaqwayizi usephendukile |
Owesifazane owaba yinselelo enkulu enkantolo yokushaywa komthetho, mayelana nokuphasiswa kokuqwayiza usezinikele kuJesu.
U Ellen Jordan ongumphathi webhizinisi lokuqwayiza owazama ngamandla akhe onke ukulwela ukuba uphasiswe lomthetho enkantolo yokushaywa kwemithetho, kodwa wahluleka. Futhi lokhu kumholela ekutheni ashone kakhulu ngakwezezimali.
khona manjalo, u Ellen Jordan yena uqobo lwakhe usebikele u Errol Naidoo. Ngokuphenduka kwakhe ngenkathi esesibhedlela uthi wazizwela ukuxhamana okukhulu noNkulunkulu. Wavese wayinikela kanjalo impilo yakhe ku Jesu. Ngempela isimanga. Ngizweni kahle "Lo obe ngungqingili uqobo lwakhe, nobe gqilazekile ezidakamizweni, nobephethe ibhizinisi lokuqwayiza kanye ne club yabongqingile. Futhi nobe phethe inhlangano elwela ukuphasisa umthetho wokuqwayiza. la eningizimu Africa. Manje use vuma ukuthi uJesu uyinkosi futhi Ungumsindisi! Udumo malube kuJehova. Manje uEllen usefuna ukujoyina inhlangano elwa nokuphasiswa kokuqwayiza okubalwa "ukufuna abesifazane ebafunela uJesu ngoba ubefuna abesifazane ebafunela ubumnyama esikhathini esedlule. Ungumuntu onamandla ongasisiza ukuveza amanga nenkohliso eqhutshwa yinhlangano ye SWEAT ne liberal media. uzoya eKapa ukuhlangana nombutho we Project Care Task Team kanje nezinye izikhulu zedolobha lase Kapa.
Ellen Jordan uzobenza ukuveza obala amanga, inkohliso nobugebengu obenzeka kulemboni yokuqwayiza.
Udumo kuNkulunkulu oyisiqalo nesiphetho, ongahlulwa lutho.
|
|
|
|
|